Lo akusiwo umbuzo wokuthi ingabe ezomoya zakwantu zikhona na. Angeke kube nenkulumo mpikiswano ngobukhona bazo. Umbuzo okhona, ngukuthi kungani abanye abantu base-Afrika bafakwa ngaphansi kwemibandela yokuphika okwakukhona kudala, okwakukade kubusa, nokwakukade kuxhumanisa abantu kuMdali. Ziningi izizathu ezidala ukuthi ziphikwe, kodwa okukhulu kakhulu angeke kuzitshwe. Okuwumphumela wengcindezelo kanye nesistimu eyayimisa.

sokungabaza ngokuzenzakalelayo noma yini evela kubantu bakhe.
Lo akusiwo umbuzo wokuthi ingabe ezomoya zakwantu zikhona na. Angeke kube nenkulumo mpikiswano ngobukhona bazo.
Umbuzo okhona, ngukuthi kungani abanye abantu base-Afrika bafakwa ngaphansi kwemibandela yokuphika okwakukhona kudala, okwakukade kubusa, nokwakukade kuxhumanisa abantu kuMdali.
Ziningi izizathu ezidala ukuthi ziphikwe, kodwa okukhulu kakhulu angeke kuzitshwe. Okuwumphumela wengcindezelo kanye nesistimu eyayimisa.
Ingcindezelo ayizange ithathe umhlaba nje kuphela kumbe isuse abantu ezindaweni zabo. Yangena emqondweni yabantu base-Afrika yamisa kabusha indlela umuntu azibuka ngayo, indlela ababhekana ngayo bona, kanye nangendlela abalibhekisisa ngayo iqiniso.
Ngaphambi kwalenxakanxaka, ezomoya zakwantu zazizisebenzela njengesistimu ephelele. Zazingeyona into ehlukene phakathi kumbe engahlelekile. Bekuyisistimu eqondile, nokuyinto esiyiqonda njengesistimu-A1. Beyiqukethe igunya, iphethe izimfundiso futhi ime njengehhovisi eliphezulu ebelixhumanisa izwe lenyama kuMdali.
Lesistimu yaphazanyiswa ngenhloso. Ingcindezelo yaletha umthetho ohlukile. Yafaka amasistimu okufika esikhundleni segunya lezomoya zakwantu, bafaka abantu ngaphansi kwemibandela yokuthi isiqiniseko basibheke kwabanye abantu ngaphandle kwabo, izimfundiso kanye neqiniso. Okwasala, kwakungesiyo isistimu eqondile, kwabe sekuba imibandela ehlakazekile nesikuqonda njenge-Intermediate system kumbe isistimu-B1.
Nokuyilapho ukwehlukana nokubusa kwajulisa uzinzo lwayo. Akuzange kuhlukanise imiphakathi kuphela, yahlukanisa abantu base-Afrika kumthombo wabo. Yadala imibandela yokuthi abantu base-Afrika bangabe besaba nokubumbana ngokuqondisisa kodwa bahlangane ngokuqhelelana kwimpikiswano. Lokhu kubonakala kalula ngendlela omunye abuza ngayo komunye, ngendlela amchitha ngayo omunye nangendlela abancintelana ngayo, ikakhulukazi ezindabeni eziphathelene nezimfundiso kanye nezomoya. Uma umuntu wase-Afrika ekhuluma, omunye wabo uba ngowokuqala ukuphikisa, ayi ngoba umlayezo awunaso isisindo kodwa ngoba umthombo awuthenjwa.
Lokhu kuziphatha akusikho okujwayelekile, kufundiwe. Kuwumbandela okhiqizwe isistimu-B1.
Ingcindezelo yenkolo kanye nokulawula komqondo
Ingcindezelo yenkolo iyona enezimpande ezijulile ezidala ukuhlukanisa nokunqoba, ngoba kusebenza kakhulu ngokholo nangenkolelo. Ezinye izinhlelo zokulawula zingase zilolonge ukuziphatha, kodwa loluhlobo lulolonga indlela yokuqonda. Inquma ukuthi yini okufanele yamukelwe njengeqiniso nokufanele kuphikiswe ngaphandle kokubhekisiswa.
Ngenxa yenkolo, abantu base-Afrika kancane kancane sebengenwe imibandela yokubukela phansi into enobu-Afrika nokukamoya. Okwake kwama njengeqiniso phakathi kwezomoya zakwantu zachazwa kabusha zafakwa imibuzo ekugcineni zavinjwa. Esikhundleni sazo kwafika isistimu encike kakhulu kukholo kunokwazi.
Umsebenzi ka-Maxwell Maltz uyasiza ukuchaza ukuthi lokhu kusebenza kanjani phakathi kwengqondo. Uyachaza ukuthi akuzenzakaleli ukuthi umqondo uzazele ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Uphendula lokhu okwamukele njengeqiniso. Uma into uyikholelwa, umqondo uqala ukuzilungiselela ngaleyo nkolelo.
Lona umthetho osemuva kokulutha, amazwi omlutha abanomphumela kuphela uma amukelwe njengeqiniso. Uma esamukelwe, umqondo uyaqala wenze ngendlela efanele. Amandla awekho kumazwi kuphela, kepha aba kukholo lokuthi, lawo mazwi ayiqiniso. Iyona ndlela le ingcindezelo eyabusa ngayo. Yaletha inkolelo njengesisekelo, yenza ukholo njengohlelo. Ngenkathi lezinto sezamukelwe, umqondo waqala ukunyakaza. Okwakukade kwaziwa kwaqala kwaba nokungathenjwa. Okwakujwayelekile, kwaba nokuthandabuza, okwakukade kuyiqinso, kwaba into ekhonondisayo.
Yingakho inkolo isaqhubeka nokuqhakambisa inkolelo, ukholo luvumela ukulawula ezingeni lokucabanga. Ivumela abantu abahlukile ukuthi babambe okwenzekayo okuhlukile ngokusekelwe yilokhu abakumukela njengeqiniso. Lesi futhi isona sizathu esenza ukholo lukhiqize ukuhlukana. Abantu babona ngokungafani ngoba bakholwa okungafani. Ezomoya zakwantu zisebenza ngendlela eyehlukile. Azincikile okholweni, zincike ekutheni uyazi. Azithembele kwinkolelo yento engaziwa, zisebenza ngesambulo, lapho iqinso liziveza lona, liqondwe ngaphandle kokungabaza.
Yingakho umoya wacindezelwa.
Uhlelo olusekelwe ngokwazi, alukwazi ukulawulwa kalula njengokholo. Isistimu ezinze eqinisweni ayikwazi ukubuyisa umcabango, ukuze kususwe uhlelo olunjalo. Bekufanele ihlakazwe, nabantu bekufanele banganyakaziswa ekwazini basuswe beze kukholo. Emuva kwalomnyakazo, ukuhlukana kwalandela.
Umbandela wesigqila esibona esinye isigqila
Esikubona namuhla akusilona iphutha,kuwuwkuqhubeka kwaloluhlelo.
Kwake kwaba nesikhathi lapha abantu base-Afrika babeqoqelwe ebugqileni, ngenkathi abebala elimhlophe babebekwe njengomnyombo wegunya, izimfundiso kanye nesikhungo. Kuleyo sistimu, isigqila sasingalindelwe ukuba singaphatha,singafundisa, noma singaphathiswa ubuhlukani. Igunya lalihlezi likulabo bangaphandle. Lesi sikhungo hleze singaba nezinguquko uma usibhekile, kodwa akukaze kwasuka emqondweni.
Namuhla iningi labantu base-Afrika basabukana ngaleyondlela efanayo. Uma bebona omunye wase-Afrika, bavele babone igunya noma balindele ubuhlakani kunokuthile okucashile, ukuthi akukho okungase kuvele kumuntu onomlando ofanayo nowabo. Ngakho-ke, uma iqiniso likhulunywa, liyavinjwa, ayi ngoba linephutha, kodwa kungenxa yokuthi ubani olikhulumayo. Ngaso isikhathi esifanayo, umlayezo ufana, uma uvela ngaphandle, uyomukelwa kalula uthathelwa phezulu futhi ube nesisindo. Indlela le imibandela eyamiswa ngayo. Ayiphoqwa, iyagcinwa ngemicabango. Yingakho ezomoya zakwantu ziphikwa esikhathini esiningi.
Ukuphikwa kwazo akuhlezi kusobala nje. Ngesinye isikhathi kuyaqonda,kwesinye isikhathi kuba nobuqili, kungase kubukeke njengokunciphisa usiko kumbe umkhuba noma njengento evinjiwe njengokusho kwenkolo.
Odabeni ngalunye, umphumela uyefana. Ezomoya zakwantu zisusiwe esikhundleni sazo njengesistimu eqondile zangena ngaphansi kwamanye ama-sistimu asezibeka egunyeni manje. Okwenza lokhu kube nzima kakhulu, yikho ukuphikwa okuvela kakhulu kubantu base-Afrika. Kufanele kuqondisiswe kahle lokhu. Inkinga akusikho ukuthi ezomoya zakwantu azikho, inkinga akusikho ukuthi ayinalo iqiniso. Inkinga imibandela ebhekwa ngayo.
Umuntu ololongwe u-sistimu-B1, uzoba nobunzima ekutheni awazi u-sistimu-A1. Umuntu ongaphansi kwemibandela yokufuna igunya ngaphandle uzohluleka ukubona igunya elingaphakathi.
Yingakho ukuphikwa kuqhubeka.
Kuze kuphulwe lesimo somqondo, abantu base-Afrika bazoqhubeka baphikisane ngezindlela ezahlukene ezithikameza ukuqonda kwabo. Bazoqhubeka nokwamukela okwangaphandle ngesikhathi bephika okungaphakathi. Uma nje lokhu kusaqhubeka, ezomoya zakwantu zizohlezi ziyinto engaqondakali, ayi ngoba zingacacile kodwa ngoba zibulawa ngesistimu ehlakazekile.
Umsebenzi akusikho ukukhanda ezomoya zakwantu, umsebenzi ukubuyisa ikhono lokuzibona, nokuyilapho inhlangano ebheke kwimbuyiselo kufanele iqale khona. Lolu kuwushintsho maqondana nesistimu-C.








